Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:6 - IsiZulu 2020

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:6
19 Referans Kwoze  

Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane okwathi esekhohlisiwe, waphambuka.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


lapho ngibona phakathi kwempango ingubo enhle eShinari, isiliva elingama-200 amashekeli, nesigaxa segolide esisisindo salo singamashekeli angama-50, ngakunxanela, ngase ngiyakuthatha. Manje ngikumbele ngakufihla phakathi ethendeni lami, isiliva lona liphansi kwakho konke.”


Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


“Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo,


“Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.”


Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho.


Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.


Lowo muntu kaNkulunkulu wabuya nalowo mphrofethi, wafika endlini yakhe wadla isinkwa, waphuza namanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite