Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:24 - IsiZulu 2020

24 Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:24
20 Referans Kwoze  

Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


Abantu base bethumela eShilo, bawuthatha lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade Wamabandla owawuhlezi phezu kwamakherubhi. Amadodana ka-Eli omabili, uHofini noFinehasi, babelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni.


“Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze bangilethele umnikelo, kube yilowo nalowo anikele ngokuthanda kwenhliziyo yakhe; ningilethele umnikelo wami.


USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo.


U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


Ngabheka, ngabona emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubhi, okwakufana netshe lesafire, kungathi yisihlalo sobukhosi, kwavela ngaphezu kwabo.


ngiyakuwunikela esandleni somholi wezizwe, impela yena uyakwenza okufanele kuwo ngangokukhohlakala kwawo, bese ngiwuxosha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite