Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:21 - IsiZulu 2020

21 USimakade uNkulunkulu wenzela indoda nomkayo iziphuku, wabembathisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova uNkulunkulu wenzela u-Adamu nomkakhe izindwangu zesikhumba, wabembathisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:21
8 Referans Kwoze  

Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.


USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”


nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite