Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:18 - IsiZulu 2020

18 Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Iyakukuvezela ameva namakhakhasi; uyakudla izitshalo zasendle;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:18
20 Referans Kwoze  

Enye yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa.


Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi.


Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo, basikhipha ngisho emeveni, nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.


Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.


Usho kanje uSimakade kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva.


Ezweni labantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambukileyo, kodwa ogcina umphefumulo wakhe uhambela kude nakho.


makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.


yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


bheka, kwakumile ukhula lwameva, kwembozwe gimbici yimbabazane, nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


Umuntu uyambuyisela othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


Omunye ukholwa ukuthi angakudla konke, kodwa obuthakathaka udla imifino kuphela.


Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Kuyoyiwa khona ngeminsalo nemicibisholo, ngokuba izwe liyobe seligcwele ameva namakhakhasi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite