Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:16 - IsiZulu 2020

16 Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:16
30 Referans Kwoze  

babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.


Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi uKhristu uyinhloko yawo wonke amadoda, inhloko yowesifazane yindoda, nenhloko kaKhristu nguNkulunkulu.


Kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni, othandweni, nasebungcweleni, futhi bezithoba.


Abesifazane mabathule emabandleni, ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kodwa mabazithobe njengalokhu usho kanjalo nomthetho.


Umfazi kanamandla phezu komzimba wakhe, kodwa yindoda enawo, kanjalo nendoda kayinamandla phezu komzimba wayo, kodwa ngumfazi onawo.


Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni.


Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.


Zonke izifungo nazo zonke izithembiso azibophezele ngazo ukuzithobisa, indoda yakhe iyakuziqinisa, noma iziqede.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Uma abantu kuwo wonke umbuso wakithi, njengoba umkhulu kangaka, bezwa ngaleso simemezelo, bonke abesifazane, noma ngabe bangabantukazana noma yizikhulu, bayobahlonipha abayeni babo.”


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.


IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kulandela u-Eva,


UJabhezi wayetuseka kunabafowabo. Unina wamqamba igama wathi: “NguJabhezi,” ngoba wathi: “Ngokuba ngamzala ngobuhlungu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite