Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe ngaphezu kwezinkomo zonke naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uyakuhamba emlonyeni wakho, udle uthuli zonke izinsuku zokuhamba kwakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:14
10 Referans Kwoze  

Ziyokhotha uthuli njengenyoka, zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini. Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela, zize kuSimakade uNkulunkulu wethu, ziyakushaywa wuvalo, zikwesabe wena.


Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.


Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo, izitha zayo zikhothe uthuli.


Uzodilizwa, ukhulume usemhlabathini, amazwi akho azophuma phansi othulini, izwi lakho livele emhlabathini njengelomthakathi, inkulumo yakho iyonyenyeza, ivela othulini.


“ ‘Ngakho-ke niyohlukanisa phakathi kwesilwane esihlanzekileyo nesingcolileyo; inyoni engcolileyo nehlanzekileyo, aniyukuzenza nenyanyeke ngesilwane noma inyoni, nanoma yini nje enwabuzelayo emhlabeni, engikwehlukanisile ngathi kungcolile.


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite