Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:10 - IsiZulu 2020

10 Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 U-Adamu wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba, ngokuba nginqunu; ngase ngicasha.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:10
17 Referans Kwoze  

Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.


Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.


Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe, uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.


UMose wabona ukuthi abantu sebeyimidlwembe, ngokuba u-Aroni wayebayekile baphuma esandleni, baze bahlekwa yizitha zabo.


Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.


Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”


Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.


Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife.”


Pho siyakufelani na? Leli kloba liyakusiqeda. Uma sibuye salizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu, siyokufa,


uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu, ngokufihla ububi bami esifubeni sami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite