Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:1 - IsiZulu 2020

1 Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:1
14 Referans Kwoze  

Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Nokho akumangalisi, ngokuba noSathane waziguqula wazenza ingelosi yokukhanya.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyala izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, funa unyawo lwakho luqhuzuke etsheni.’ ”


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa!


wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma ungikhothamela, ukhuleke kimi.”


Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


Inyoka yamkhwifa imlandela owesifazane, kwaphuma emlonyeni wayo amanzi kungathi ngumfula ukuze immukise nalowo mfula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite