Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:32 - IsiZulu 2020

32 ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:32
24 Referans Kwoze  

Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.


URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.


URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli.


Nanka amagama amadoda azonisiza: “kwaRubeni: u-Elizuri indodana kaShedewuri.


Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.


Nampa abayokuma entabeni i-Ebhali ukuba baqalekise: uRubeni, uGadi, u-Asheri, uZebuloni, uDani, noNafethali.


“URubeni uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite