Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:2 - IsiZulu 2020

2 Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:2
12 Referans Kwoze  

Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.


ngokuba iWundlu elingaphakathi kwesihlalo sobukhosi liyabelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila, noNkulunkulu uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo.”


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


Ungilalisa emadlelweni aluhlaza; ungiyisa ngasemanzini okuphumula.


Ngimi lapha ngasemthonjeni, izintombi zendawo ziyeza zizokukha amanzi.


Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.


Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo.


Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite