Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:13 - IsiZulu 2020

13 Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 ULabani esezwile umbiko kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe. Wamtshela uLabani zonke lezi zinto.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:13
12 Referans Kwoze  

URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni.


Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza onke amabandla kaKhristu.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Awunganganga, kepha lo wesifazane, yilokhu ngingenile, akazange ayeke ukwanga izinyawo zami.


Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela. Inkosi yamanga uBharizilayi, yambusisa; wayesebuyela ekhaya.


UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.


USimakade wathi ku-Aroni: “Hamba uye ehlane uyohlangabeza uMose.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”


Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.


Ngakho-ke indoda yangena endlini, uLabani wawethula imithwalo amakameli, wayesewaphakela utshani nefolishi. Indoda namadoda ayeyiphelezela babanika amanzi okugeza izinyawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite