Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:5 - IsiZulu 2020

5 U-Isaka wamkhulula kanjalo-ke uJakobe, wayesengena indlela elibangisa ePhadani Aramu, kwamalume wakhe uLabani, indodana kaBhethuweli, umAramu, ongumfowabo kaRibheka, unina kaJakobe no-Esawu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Isaka wayesemukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka, unina kaJakobe no-Esawu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:5
12 Referans Kwoze  

U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,


UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi uhlobene noyise, ngokuba uyindodana kaRibheka. URaheli wagijima wayobikela uyise.


UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi.


UBhethuweli wayenguyise kaRibheka. Laba abayisishiyagalombili uMilkha wabazalela uNahori umfowabo ka-Abhrahama.


Emveni kwalokho inceku nalabo eyayihamba nabo, badla, baphuza, base belala. Sebevukile ekuseni, inceku yathi: “Ngicela indlela ukuze ngiphindele enkosini yami.”


Hamba uye ePhadani Aramu endlini kaBhethuweli, uyihlomkhulu, ufike khona uzithathele umfazi emadodakazini kaLabani umalume wakho.


UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


“ ‘Abase-Aramu babengabahwebi bakho ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho. Bahweba ngempahla yakho ngama-emeralidu, ngokubukhwebezane, ngokufekethisiweyo, ngelineni elicolekileyo, ngekhorali nangamarubhi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite