Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:20 - IsiZulu 2020

20 UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angigcine kule ndlela engiyihambayo, anginike isinkwa sokudla nezingubo zokwembatha,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:20
29 Referans Kwoze  

Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha.


Inceku yakho, ngesikhathi isahleli eGeshuri e-Aramu, yenza isithembiso, yathi: ‘Uma impela uSimakade engangibuyisela eJerusalema, ngiyakumkhonza uSimakade.’ ”


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.


Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,


NginguNkulunkulu waseBhethele lapho wagcoba khona insika, wenza nesifungo kimi. Manje suka, uphume kuleli lizwe ubuyele ezweni owazalelwa kulo.’ ”


Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.


Wafunga kuSimakade, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJokobe, wathi:


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


USimakade uyozibonakalisa kwabaseGibhithe ngalolo lusuku, nabaseGibhithe bayomazi uSimakade, bayakumkhonza ngomhlatshelo nangomnikelo wokushiswa, benze izifungo kuSimakade, bazifeze.


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”


UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite