Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:2 - IsiZulu 2020

2 Hamba uye ePhadani Aramu endlini kaBhethuweli, uyihlomkhulu, ufike khona uzithathele umfazi emadodakazini kaLabani umalume wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:2
16 Referans Kwoze  

U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi.


Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.


UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa,


Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.


U-Isaka wamkhulula kanjalo-ke uJakobe, wayesengena indlela elibangisa ePhadani Aramu, kwamalume wakhe uLabani, indodana kaBhethuweli, umAramu, ongumfowabo kaRibheka, unina kaJakobe no-Esawu.


ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini.


URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni.


Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.


Wayiqhuba imihlambi yakhe yonke nempahla yonke ayeyithole ePhadani Aramu, walibangisa kuyise u-Isaka eKhanani.


UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.


Kepha uyokuya kwelakithi ezihlotsheni zami, ufike uyithathele khona umfazi indodana yami u-Isaka.”


USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite