Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:19 - IsiZulu 2020

19 Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:19
21 Referans Kwoze  

UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi ngiseLuzi eKhanani, wangibusisa,


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBhethele, uhlale lapho. Yakha i-althare lapho, ulakhele uNkulunkulu ozibonakalise kuwe ngesikhathi ubalekela umnewenu u-Esawu.”


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Walibeka elinye eBhethele, elinye walibeka kwaDani.


Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.


Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala.


NginguNkulunkulu waseBhethele lapho wagcoba khona insika, wenza nesifungo kimi. Manje suka, uphume kuleli lizwe ubuyele ezweni owazalelwa kulo.’ ”


UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo.


UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.


Wayibiza leyo ndawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo wathi yiBhethele.


Wakhetha amabutho ayizi-5 000 wawabeka phakathi kweBhetheli ne-Ayi, entshonalanga e-Ayi.


Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.


Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


“Nxa usuka kubo uyakuqhubeka uze ufike esihlahleni somu-okhi eThabhori, lapho uyakuhlangana nabantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBhethele. Omunye uyobe ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini.


Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.


bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uSimakade ungithumele eBhethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, naphambi kwakho, angisoze ngisuke kuwe.” Base behlela eBhethele.


U-Abhiya wamhubha uJerobhowamu, wadla imizi elandelayo: iBhethele nemizana yalo, iJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite