Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:15 - IsiZulu 2020

15 Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:15
48 Referans Kwoze  

Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


USimakade wathi kuJakobe: “Phindela ezweni lokhokho bakho nasezihlotsheni zakho, Mina ngizoba nawe.”


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


USimakade uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokhu ayenokhokho bethu; makangasishiyi, angasilahli,


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


USimakade wathi kuye: “Ngizokuba nawe, uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi ubulala umuntu oyedwa.”


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele.


USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


UJakobe wathandaza wathi: “Nkulunkulu kababamkhulu u-Abhrahama nokababa u-Isaka. Wena Simakade wathi kimi: ‘Buyela ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, ngizokwenzela okuhle.’


Ngizohamba nawe ukuya eGibhithe, futhi ngiyakukukhuphula lapho; yisandla sikaJosefa esiyokucimezisa.”


UNkulunkulu waba naye umfana, wakhula, wahlala ehlane ePharanu, waba yingcweti ngomcibisholo.


Wathi kubo: “Ngiyabona ukuthi uyihlo akasanginambithisisi kahle njengakuqala. Kepha uNkulunkulu kababa unami.


NginguNkulunkulu waseBhethele lapho wagcoba khona insika, wenza nesifungo kimi. Manje suka, uphume kuleli lizwe ubuyele ezweni owazalelwa kulo.’ ”


Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”


“Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu,


“ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;


Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”


Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi.


ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano nokhokho babo engabakhipha eGibhithe phambi kwezizwe, ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguSimakade.’ ”


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


kodwa sekuyothiwa: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owabakhuphula abakwa-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke lapho ayebaxoshele khona;’ ngiyakubabuyisela ezweni lakubo, engalinika okhokho babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite