Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 27:46 - IsiZulu 2020

46 URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathele ukuphila kwami ngenxa yamadodakazi kaHeti;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 27:46
11 Referans Kwoze  

Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.


Kuthe lapho sekumkhanyela u-Esawu ukuthi abesifazane baseKhanani abamgculisi uyise u-Isaka,


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”


UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite