Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 27:28 - IsiZulu 2020

28 Sengathi uNkulunkulu angakwehlisela amazolo ezulu avundise amasimu akho. Makakuphe inala yamabele neyewayini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu, namanoni omhlaba, nenala yamabele neyewayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngakho-ke uNkulunkulu ukunika amazolo ezulu namafutha omhlaba kanye nenala kakolweni newayini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 27:28
33 Referans Kwoze  

U-Israyeli uhleli ngokuvikeleka; umthombo kaJakobe wehlukene wodwa ezweni lokusanhlamvu nelewayini; lapho amazulu akhe econsa amazolo.


“NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.


Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,


Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, okusanhlamvu kwakho, iwayini lakho, amafutha akho, inzalo yezinkomo zakho, nezimvu zakho zande ezweni afunga ngalo kokhokho bakho ukukunika lona.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.


“Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile.


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


“Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.


Ngokukholwa, u-Isaka wabusisa uJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Bheka, ngiyakunika izinceku zakho ezigawula imithi, amakhora kakolo ayizi-20 000, amakhora ebhali ayizi-20 000, amabhati ewayini ayizi-20 000, namabhati ayizi-20 000 amafutha.”


USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizi-20 000 kakolo, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angama-20 amafutha akhanyiweyo. USolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


“U-Asheri uyokudla okunonileyo, akhiqize ukudla okufanele amakhosi.


nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’


Kepha uma amanye amagatsha anqunywa, kwase kuthi wena oyigatsha lesihlahla somnqumo wasendle wafakwa phakathi kwawo ukuze uhlanganyele engcebeni yempande yomnqumo;


nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.


Uyise wayesethi kuye: “Uyohlala endaweni ekude nezwe elivundileyo, lapho kungekho mazolo avela phezulu ezulwini.


U-Isaka wamphendula u-Esawu, wathi: “Sengimenze waba yinkosi yakho, nganikela abafowabo nodadewabo ukuba babe yizinceku zakhe, futhi ngamabela ukudla newayini. Yini-ke enye engingakwenzela yona ndodana yami na?”


ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho.


Ngokwazi kwakhe izinzulu zaqhekezwa, amafu aconsa amazolo.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite