Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:18 - IsiZulu 2020

18 U-Isaka wabuye wayimba imithombo eyayikade imbiwe emihleni ka-Abhrahama, wayibiza ngamagama ayeyiqambe wona uyise, ngokuba amaFilisti ayekade eyivalile emva kokufa kuka-Abhrahama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise, ngokuba amaFilisti ayeyivalile emva kokufa kuka-Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 U-Isaka wabuye wemba imithombo ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise; ngoba amaFilisti azivala ngemva kokufa kuka-Abrahama, futhi wawaqamba ngamagama uyise ayewaqambe ngawo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:18
10 Referans Kwoze  

USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni.


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


“Laba abazikhethela omunye unkulunkulu, bandisa izinhlupheko zabo. Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi, angiyukuwaphatha ngisho amagama abo ngezindebe zami.”


iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.


Leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiBheri Sheba, ngokuba bobabili bafunga lapho.


U-Abhrahama wayesekhononda ku-Abhimeleki ngomthombo wamanzi ayewephucwe yizinceku zakhe.


U-Isaka wasuka lapho, wagoba amadlangala esigodini eGerari, wahlala lapho.


Kwathi lapho izinceku zika-Isaka zimba esigodini zathola umthombo ogelezayo.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


Waphendula wathi: “Yamukela lawa mawundlu ayisikhombisa abe ngubufakazi bokuthi lo mthombo wamanzi wambiwa yimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite