Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:14 - IsiZulu 2020

14 Waba nemfuyo, nemihlambi, nomndeni omkhulu kwaze kwavuka umona ngaye kumaFilisti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba wayenezimvu nezinkomo, nezinceku eziningi, amaFilisti aba nomona ngaye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:14
16 Referans Kwoze  

Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe, ukulunga kwakhe kumi phakade.


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku.


Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


U-Abhrahama walabela u-Isaka lonke ifa lakhe,


Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite