Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:12 - IsiZulu 2020

12 U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Isaka wahlwanyela kulelo zwe, wazuza ngokuphindwe kayikhulu ngawo lowo mnyaka, uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:12
18 Referans Kwoze  

Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.”


Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.


Umhlaba uthele izithelo zawo, uNkulunkulu wethu usibusisile.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.


Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”


Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30.


Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Lokho okuhlwanyelwe emhlabathini ovundileyo, yilowo olizwayo izwi maqede aliqonde, athele izithelo, athele ngekhulu, omunye ngama-60 nomunye ngama-30.”


ukuze ungasenzakalisi njengoba nathi singazange sikwenzakalise, kodwa sakuphatha kahle, saze sakumukisa phakathi kwethu ngokuthula. Kusobala ukuthi wena ungobusisiweyo weNkosi.”


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Esefile u-Abhrahama, uNkulunkulu wayibusisa indodana yakhe u-Isaka. U-Isaka wakha e-Ebheri Lahayi Royi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite