Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:8 - IsiZulu 2020

8 U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abrahama wayesephuma umphefumlo, wafa esemdala, esemdala, esanelisiwe yizinsuku; wabuthelwa kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:8
27 Referans Kwoze  

Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.


Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.


Nokho wena uyokufa ngokuthula, amathambo akho ayobekwa nawawoyihlomkhulu, ungcwatshwe usumdala.


UJobe wafa esemdala, esenelisekile yizinsuku zokuphila.


Isiyonke iminyaka yokuphila kuka-Ishmayeli yayiyi-137. Wafa, wangcwatshwa koyisemkhulu.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.


Udumo lwabasha lungamandla abo, nemvunulo yabadala ingubumpunga.


Uyokufa usumdala impela, njengesixha samabele esibhulweni, ngesikhathi sawo.


UGideyoni, indodana kaJowashi, wafa esekhulile, wangcwatshwa ethuneni likayise uJowashi e-Ofira kwa-Abhiyezeri.


Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Abhrahama yayiyi-175.


Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe.


UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.


“U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.


Eseyalela sekuphuma umphefumulo, wayiqamba igama wathi nguBhenoni, kodwa uyise wathi nguBhenjamini.


Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo,


Amadodana akhe amthatha uyise amyisa eKhanani, amngcwaba emgedeni osensimini eMakhaphela, u-Abhrahama ayewuthenge nensimu ku-Efroni umHithi, ukuze ube yindawo yokungcwaba, eduze naseMamre.


UDavide wayesemdala esenelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni, indodana yakhe, ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


UJehoyada wakhula waze wamdala, wafa esenelisiwe yizinsuku aziphilile; wayeneminyaka eyi-130 ngesikhathi efa.


Ishiya umgudu ocwebezelayo emva kwayo, utwa kube sengathi lungwevu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite