Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:34 - IsiZulu 2020

34 UJakobe wayesemupha isinkwa nesilovela samalentili. U-Esawu wadla, waphuza, wahamba. U-Esawu walidela kanjalo ilungelo lobuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJakobe wamnika u-Esawu isinkwa nepani likadali; wadla waphuza wasukuma wahamba. Wadelela-ke u-Esawu ubuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:34
15 Referans Kwoze  

Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.


kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili, kuhlatshwa izinkabi nezimvu, kudliwa inyama, kuphuzwa iwayini, nathi: “Masidle, siphuze, ngokuba kusasa sizokufa.”


“ ‘Bonani nina zideleli nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayukuwukholwa ngisho noma kungakhona onilandisa ngawo.’ ”


wathi: “Niyakunginika ini, uma ngimkhaphela kini na?” Base bemkalela, bamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-30.


“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.


USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.


Langa limbe uJakobe epheke isilovela samalentili, kwafika u-Esawu evela endle, eyetha yindlala.


UJakobe wathi: “Funga kuqala.” Wayesefunga-ke. U-Esawu wadayisa kanjalo-ke ngelungelo lobuzibulo bakhe kuJakobe.


Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.


Uyise u-Isaka wathi kuye: “Ungubani wena na?” Wathi: “Ngiyindodana yakho, izibulo lakho u-Esawu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite