Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:26 - IsiZulu 2020

26 Emva kwakhe kwazalwa umfowabo owaphuma ebambelele esithendeni sika-Esawu, wamqamba igama wathi nguJakobe. U-Isaka wayeneminyaka engama-60 ngesikhathi kuzalwa laba bafana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:26
13 Referans Kwoze  

U-Esawu wathi: “Akubanga yiphutha ukuba aqanjwe ngokuthi nguJakobe, ngokuba sekuze kwaba kabili engiqola. Wangephuca ilungelo lami lobuzibulo. Bheka manje usengithathele nesibusiso sami.” Wayesethi kuyise: “Akusekho ngisho nesisodwa nje isibusiso ongibekele sona na?”


Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu.


“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke.


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.


U-Abhrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: u-Esawu no-Israyeli.


U-Abhrahama wayeseneminyaka eyikhulu ngesikhathi kuzalwa u-Isaka indodana yakhe.


UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,


Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”


Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho,


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite