Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:21 - IsiZulu 2020

21 U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:21
24 Referans Kwoze  

Ngakho-ke sazila, samnxusa uNkulunkulu wethu ngalokhu, wakuzwa ukunxusa kwethu.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.


Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi,


Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Lo mntwana ngamkhulekela kuSimakade ukuba angiphe yena; uSimakade unginikile lokho engangikucele kuye;


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.


“Usho kanje uSimakade, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: ‘Ningibuza ngezinto ezizayo, nangabantwana bami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami na?


Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.


Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Wayeganwe ngabafazi ababili, omunye kunguHana omunye kunguPhenina. UPhenina wayenabantwana, kodwa uHana wayengenabantwana.


USarayi wathi ku-Abhrama: “Bheka, uSimakade ungivale inzalo. Hamba ulale nencekukazi yami, mhlawumbe ingase ingivusele umuzi.” U-Abhrama walilalela izwi lomkakhe uSarayi.


Wayesephendula u-Eli wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.”


UNkulunkulu wamkhumbula noRaheli, wawuphendula umkhuleko wakhe, wasivula isibeletho sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite