Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:50 - IsiZulu 2020

50 ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

50 Base bephendula oLabani noBetuweli, bathi: “Indaba ivela kuJehova; asinakukhuluma okubi noma okuhle kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:50
15 Referans Kwoze  

Lona lavela kuSimakade, liyisimangaliso emehlweni ethu.


Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


Kusemandleni ami ukuba ngikulimaze, kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume nami ebusuku bayizolo, wathi: ‘Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.’


Lona lavela eNkosini liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?”


U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.


“Ngakho-ke uma uNkulunkulu ebanikile isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu uKhristu, pho ngingubani ukuba ngivimbe uNkulunkulu na?”


UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?


Umnewabo nonina bathi: “Ake uyivumele intombazane ihlale nathi okwesikhashana, okungenani izinsuku eziyishumi, bese niyahamba.”


Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.


URibheka wagijima wayotshela abendlu kanina ngalezo zinto.


Ithe ingakaqedi ukuthandaza, kwafika uRibheka etshethe imbiza, wayezalwa nguBhethuweli indodana kaMilkha, umkaNahori, umfowabo ka-Abhrahama.


Bambusisa uRibheka bathi: “Dadewethu, sengathi ungakhula ube ngukhokho wezizukulwane eziyizinkulungwane zezigidi, izizukulwane zakho zinqobe amasango ezitha zazo.”


Bheka, nangu uRibheka phambi kwakho. Mthathe uhambe naye, abe ngumfazi wendodana yenkosi yakho, njengoba ekhulumile uSimakade.”


Inkosi ayibalalelanga abantu ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze kufezeke izwi uSimakade alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite