Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:35 - IsiZulu 2020

35 USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:35
20 Referans Kwoze  

U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.


Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.


Esefile u-Abhrahama, uNkulunkulu wayibusisa indodana yakhe u-Isaka. U-Isaka wakha e-Ebheri Lahayi Royi.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe, ukulunga kwakhe kumi phakade.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho.


UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,


Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”


U-Abhrahama walabela u-Isaka lonke ifa lakhe,


Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite