Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:29 - IsiZulu 2020

29 URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 URebeka wayenomnewabo ogama lakhe lalinguLabani; uLabani wagijima waya endodeni emthonjeni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:29
8 Referans Kwoze  

Wathi kubo: “Niyamazi yini uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.”


Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.


Umnewabo nonina bathi: “Ake uyivumele intombazane ihlale nathi okwesikhashana, okungenani izinsuku eziyishumi, bese niyahamba.”


Bambusisa uRibheka bathi: “Dadewethu, sengathi ungakhula ube ngukhokho wezizukulwane eziyizinkulungwane zezigidi, izizukulwane zakho zinqobe amasango ezitha zazo.”


Kwathi ukuba abone indandatho ekhaleni, namasongo ezingalweni zikadadewabo, futhi esekuzwile okushiwo ngudadewabo uRibheka, ethi: “Ikhulume kanjalo indoda kimi,” waya kuleyo ndoda eyayimi eduze kwamakameli ngasemthonjeni.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,


Hamba uye ePhadani Aramu endlini kaBhethuweli, uyihlomkhulu, ufike khona uzithathele umfazi emadodakazini kaLabani umalume wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite