Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:10 - IsiZulu 2020

10 Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:10
19 Referans Kwoze  

Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.


AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya,


Abantu bakwa-Amoni babona ukuthi bazithele ngesigcwagcwa kuDavide. UHanuni nabakwa-Amoni bathumela amathalenta esiliva ayinkulungwane ukuba baqashe izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, e-Aramu Mahakha, naseZobha.


UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga.


Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.


UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.


Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,


Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.


Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.


Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.


Emveni kwaleso sehlakalo u-Abhrahama wabikelwa ukuthi: “UMilkha uzalele umfowenu uNahori abantwana:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite