Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:1 - IsiZulu 2020

1 U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Abhrahama wayesemdala ecindezelwe yibudala; uJehova wambusisa u-Abhrahama kukho konke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:1
17 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke abokukholwa babusisiwe kanye no-Abhrahama owayekholwa.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.


Inkosi uDavide yayisikhulile, neminyaka yayo isiminingi impela. Bayembesa ngezingubo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya; ayifudumalanga.


ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo.


U-Abhrahama wayeseneminyaka eyikhulu ngesikhathi kuzalwa u-Isaka indodana yakhe.


U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite