Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:3 - IsiZulu 2020

3 U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:3
16 Referans Kwoze  

Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”


Ngosuku lwesithathu u-Abhrahama waphakamisa amehlo akhe, wayelamela leyo ndawo ibuqamama.


futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”


UJoshuwa wavuka ekuseni wahlela abantu, base beyakhuphuka phambi kwabantu, yena namalunga akwa-Israyeli, baya e-Ayi.


Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite