Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:8 - IsiZulu 2020

8 Umntwana wakhula, walunyulwa ebeleni; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umntwana wakhula walunyulwa; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:8
16 Referans Kwoze  

Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”


Kwathi esemlumulile uLo Ruhama, wayesekhulelwa, wazala indodana.


Ngiwududuzile, ngawuthulisa umphefumulo wami, njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina, unjalo-ke nomphefumulo wami ngaphakathi kimi.


USolomoni wayesephaphama; lokho kwakuyiphupho; wasuka lapho wabuyela eJerusalema. Wafike wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade, wanikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yokuthula, wenzela izinceku zakhe zonke idili.


U-Abhineri wafika kuDavide eHebhroni namadoda angama-20. UDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayenawo.


Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.


ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili.


Wabalungisela indumezulu yedili, badla, baphuza.


ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


USamsoni wathi kuzo: “Ake ngininike imfumbe, ngibone ukuthi ningangichazela yini yona ngezinsuku eziyisikhombisa zedili. Uma nikwazile ngizoninika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30.


Uyise wehla, waya kowesifazane, uSamsoni wenza idili lapho njengokuba izinsizwa zazijwayele ukwenza.


Waqhubeka wathi: “Ngubani owayengase athi ku-Abhrahama: ‘USara usengancelisa abantwana na?’ Kodwa nokho ngimzalele umntwana esemdala.”


USara ebona ukuthi indodana ezalwa nguHagari umGibhithe, ayizalela u-Abhrahama, ihlekisa ngo-Isaka,


Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite