Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:33 - IsiZulu 2020

33 U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 U-Abhrahama wahlanyela umthi eBherisheba, wakhuleka khona ibizo leN kosi uNkulunkulu waphakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:33
22 Referans Kwoze  

Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.


USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.


Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


“Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona.


Kusukela lapho lowo mthombo wabizwa ngokuthi iShiba. Yikho nje igama lomuzi oseduze nawo ubizwa ngokuthi yiBheri Sheba kuze kube namuhla.


U-Isaka wayesakha i-althare lapho, wakhuleka egameni leNkosi, wagxumeka ithende lakhe, izinceku zakhe zamba umthombo lapho.


Wasuka lapho wakhuphukela eBheri Sheba.


UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.


Base benza isivumelwano eBheri Sheba; u-Abhimeleki wasukuma noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe baphindela ezweni lamaFilisti.


USimakade uyakubusa phakade naphakade.”


Ngiphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyakuphila kuze kube phakade.


Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasemandulo. Wena ukhona kuze kube phakade.


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite