Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:22 - IsiZulu 2020

22 Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli induna yempi yakhe bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:22
22 Referans Kwoze  

Kwase kufika u-Abhimeleki evela eGerari, ehamba no-Ahuzathi umeluleki wakhe, noPhikholo, umkhuzi wamabutho empi yakhe.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


Bathi: “Kuyasikhanyela ukuthi uSimakade unawe. Yikho sithi: ‘Masenze isifungo phakathi kwethu nawe, kube khona isivumelwano phakathi kwethu,’


U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho.


U-Abhrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamelapha u-Abhimeleki, umkakhe nezigqila, wabuye wabavula izibeletho,


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


U-Abhimeleki wamnika u-Abhrahama izimvu, izinkomo nezigqila zesilisa nezesifazane, wambuyisela nomkakhe uSara.


Wathi kubo: “Ngiyabona ukuthi uyihlo akasanginambithisisi kahle njengakuqala. Kepha uNkulunkulu kababa unami.


USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.


baze bayofika enqabeni eseThire, nakuyo yonke imizi yamaHivi namaKhanani. Baphuma lapho balibangisa ngaseningizimu yakwaJuda, eBheri Sheba.


UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite