Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:21 - IsiZulu 2020

21 Esahlezi ehlane ePharanu, unina wamtholela umfazi eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wahlala ehlane lasePharanu, unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:21
18 Referans Kwoze  

Ngakho-ke oganwa yintombi eyingoduso yakhe, wenza kahle, kodwa ongaganwa yiyo wenza kahle kakhulu.


USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.


Wayesenyuka, wabikela uyise nonina, wathi: “Ngibone owesifazane womFilisti eThimna; ngithatheleni yena abe ngumkami.”


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.


Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu.


Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.


URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”


namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.


Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba.


Kuthe lapho u-Abhrama esehlale iminyaka elishumi eKhanani, uSarayi umkakhe wathatha incekukazi yakhe uHagari, umGibhithe, wayinika umyeni wakhe ukuba ibe ngumkakhe.


Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe.


UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.


thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, amadodakazi enu niwaganisele amadoda, ukuba azale amadodana namadodakazi, nande lapho, ninganciphi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite