Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:17 - IsiZulu 2020

17 UNkulunkulu wakuzwa ukukhala komfana. Ingelosi kaNkulunkulu yammemeza uHagari isezulwini, yathi kuye: “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ukuzwile ukukhala komfana, lapho ekhona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UNkulunkulu wezwa izwi lomfana; ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini kuwe, Hagari? ningesabi; ngoba uNkulunkulu wezwa ilizwi lendodana lapho ekhona.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:17
31 Referans Kwoze  

Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.”


UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,


Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


UJehowahazi wamnxusa uSimakade, uSimakade wamuzwa. USimakade wabona ingcindezelo inkosi yase-Aramu eyayicindezele ngayo u-Israyeli.


Bheka, kwaqhamuka uSawule eqhuba izinkomo, evela ensimini. USawule wathi: “Bakhalelani kangaka abantu na?” Base bemlandisa ngokwakushiwo ngabantu baseJabheshi.


Abamemeza abakwaDani, baphenduka, base bethi kuMikha: “Kwenzenjani, usilandelelani nalesi sixuku, na?”


ngokuba kungenzeka kube yiyona ngubo kuphela anayo ukuyembatha; uyokwembathani uma eselala na? Uma umakhelwane wakho ekhala kimi, ngiyokumlalela, ngokuba nginomusa.


Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi ufike uzithobe.”


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.


Kusenjalo, ingelosi kaSimakade yamemeza isezulwini, yathi: “Abhrahama, Abhrahama!” Wathi: “Ngilapha.”


USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.


Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye elangabini lomlilo phakathi kwesihlahla. Wabona ukuthi isihlahla siyavutha, kodwa asipheli.


Sakhala kuSimakade uNkulunkulu wokhokho bethu, uSimakade walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, umshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu.


Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.


Yathi kuye: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi, futhi ulibangisephi na?” Waphendula wathi: “Ngibalekela inkosikazi uSarayi.”


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite