Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:10 - IsiZulu 2020

10 wathi ku-Abhrahama: “Xosha lesi sigqila nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqila ngeke idle ifa nendodana yami u-Isaka.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho wathi ku-Abrahama: “Xosha lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngoba indodana yalesi sigqilakazi ngeke idle ifa kanye nendodana yami, u-Isaka.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:10
17 Referans Kwoze  

Isigqila asihlali nomndeni unomphela, kodwa indodana ehlala phakade.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini.


Ngakho-ke awusesona isigqila, kodwa indodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa ngaye uNkulunkulu.


Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso.


“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


Nanku umlando ka-Isaka indodana ka-Abhrahama: u-Abhrahama wazala u-Isaka.


kodwa amadodana ezancinza zakhe, u-Abhrahama wawanika izipho esaphila, wayeseyawaqhelisa endodaneni yakhe u-Isaka, aya ngasempumalanga, empumalanga.


U-Abhrahama welula isandla sakhe, wathatha ummese ukuba abulale indodana yakhe.


U-Abhrahama waziphendulela wathi: “Kufike kimi umcabango wokuthi uNkulunkulu akesatshwa kule ndawo, ngizobulawa ngifele umkami.


Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”


UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


Xosha isedeleli, kuzophela ingxabano, ukuphikisana nehlazo.


UmkaGileyadi wamzalela naye amadodana. Kuthe lapho amadodana omkakhe ekhula, amxosha, ethi kuye: “Awunakuthola lutho oluyifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye umfazi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite