Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:3 - IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:3
22 Referans Kwoze  

Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”


Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”


Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,


Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,


Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.


Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.


UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”


Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


UJosefa wabuye waphupha, wabalandisa futhi abafowabo, wathi: “Ngiphuphe ngibona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi eziyi-11 kungikhothamela.”


UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele.


Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


USimakade washaya uFaro nabendlu yakhe ngobhubhane ngenxa kaSarayi umka-Abhrama.


UFaro wayesebiza u-Abhrama wathi kuye: “Yini le nto oyenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?


UNkulunkulu wafika kuBhileyamu wathi: “Ngobani lawa madoda anawe na?”


Akavumelanga muntu ukubacindezela, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,


Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.


UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Yena wathi: “Ngilapha.”


ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe, ashabalalise ukuzidla kumuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite