Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:2 - IsiZulu 2020

2 U-Abhrahama wathi ngomkakhe uSara: “Ungudadewethu.” U-Abhimeleki, inkosi yaseGerari, wathumela ukuba alandwe uSara, ukuze azithathele yena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:2
17 Referans Kwoze  

Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamncoma kuFaro, wayeselethwa esigodlweni sakhe.


Kwathi lapho amadoda akuleyo ndawo embuza ngomkakhe, wathi kuwo: “Ungudadewethu,” ngokuba wayengafuni ukulikhipha ngembaba elokuthi ngumkakhe, esaba ukuthi amadoda endawo azomsoconga ngenxa kaRibheka, kwazise wayemuhle kakhulu.


Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


U-Abhimeleki wathi ku-Isaka: “Hamba, usuke phakathi kwethu, usunamandla amakhulu kunathi.”


Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.


Kanti-ke nangaphezu kwalokho ungudadewethu okwangempela, sizalwa ndodanye, sehlukene ngomama, nokho-ke ngamenza umkami.


U-Eliyezeri, indodana kaDodavahu waseMeresha, waphrofetha ngoJehoshafathi, wathi: “Ngenxa yokuba uzihlanganise no-Ahaziya, uSimakade uyakuyidiliza imisebenzi yakho.” Leyo mikhumbi yephuka, ayikwazanga ukuya eTharishishi.


Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite