Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:8 - IsiZulu 2020

8 USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; futhi lapho wahlala phansi umuntu ayembumbile.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:8
12 Referans Kwoze  

Use-Edene, ensimini kaNkulunkulu; wonke amatshe ayigugu ekusibekele; irubhi, ithopazi, idayimani, ishohamu, ijasiphi, isafire, isimaragidu, ikhrisolithe; imvunulo yakho, nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungiswe ngosuku owadalwa ngalo.


Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.


Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.


Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.


Onkulunkulu balezo zizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abase-Edene, nabaseThelasari, bakwazi yini ukuzisindisa na?


UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.


Izizwe ngazithuthumelisa ngomsindo wokuwa kwawo, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo, nalabo abehlela egodini. Yaduduzwa phansi komhlaba yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo neyaseLebhanoni emihle, nayo yonke eniseliweyo.


“ ‘ “Pho yimuphi umuthi wase-Edene ongalinganiswa nawe ngodumo nangobukhulu na? Nokho uyakwehliselwa phansi komhlaba nemithi yase-Edene, ulale nabangasokile nababulawe ngenkemba. Lowo-ke nguFaro, naso sonke isixuku sakhe,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘AbaseHarana, abaseKhane abase-Edene, abaseShebha, abase-Asiriya nabaseKilimadi babehwebelana nawe.


USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite