Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:1 - IsiZulu 2020

1 Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nebandla lakho lonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:1
34 Referans Kwoze  

Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo.


owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.


Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi: “Kanjalo ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba.


Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.


Yebo, isandla sami sibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami saleneka izulu. Lapho ngikubiza, kuma ndawonye.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.


UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngubani phakathi kwabo bonke laba, ongazi ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaSimakade sikwenzile lokhu na?


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite