Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:38 - IsiZulu 2020

38 Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Encane nayo yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:38
15 Referans Kwoze  

Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”


U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


Yenza kubo njengakuMidiyani, nakuSisera nakuJabhini ngasemfuleni iKishoni,


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite