Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:34 - IsiZulu 2020

34 Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngangomuso izibulo yathi kwencane: “Bheka, ngilele nobaba izolo ebusuku; masimphuzise iwayini ngalobu busuku; futhi ungene futhi ulale naye, ukuze silondoloze inzalo kababa wethu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:34
7 Referans Kwoze  

Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Ngalobo busuku amgcinca ngewayini uyise, kwangena endala yalala naye, kodwa uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka.


Nangalobo busuku abuye amgcinca ngewayini uyise, kwase kungena indodakazi encane yalala naye, nalapho uLothi akezwanga lutho; akayizwanga ilala nalapho isivuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite