Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:3 - IsiZulu 2020

3 ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:3
18 Referans Kwoze  

Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini yakhe, washesha walihlaba; wathatha impuphu wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo,


UGideyoni wangena endlini yakhe, wahlaba izinyane lembuzi, wenza namaqebelengwane angenamvubelo nge-efa lempuphu; inyama wayifaka equthwini, umhluzi wawuthela ekhanzini, wakuletha kuye phansi kwesihlahla somu-okhi.


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.


Benza amaqebelengwane ngenhlama ababephume nayo eGibhithe; yayingenamvubelo ngokuba babexoshiwe eGibhithe bengasenakulinda, noma bagaye umphako.


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni.


“Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni.


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlula eya eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo. Owesifazane wamncenga ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo uma edlula aphambukele khona ukuba adle.


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Umntwana wakhula, walunyulwa ebeleni; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”


Wabalungisela indumezulu yedili, badla, baphuza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite