Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:19 - IsiZulu 2020

19 ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bheka manje, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, futhi ukhulise umusa wakho ongenzele wona kimi ngokusindisa ukuphila kwami; futhi anginakubalekela entabeni, funa ububi bungifike ngife.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:19
20 Referans Kwoze  

“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Ubowatshela ukuthi ungudadewethu, khona ezongiphatha kahle ukuze ngisinde ngenxa yakho.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye.


Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade.


ULothi wathi kuwo: “Yobe, makhosi ami,


Nankuya umuzi omncane oseduze, futhi mncane, ngingabalekela kuwo, ngiphephe.”


ULothi wasuka eZowari wakhuphukela entabeni, wahlala khona namadodakazi akhe amabili, ngokuba babesaba ukuhlala eZowari, ngakho-ke wahlala emgedeni namadodakazi akhe amabili.


ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite