Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:17 - IsiZulu 2020

17 Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:17
21 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”


Kwathi besabaleka, umkaLothi wajeqeza emuva, wayesephenduka insika kasawoti.


Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Balekani, nisindise impilo yenu, ukuze nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.


ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”


Lawo madoda awufulathela umuzi ka-Abhrahama, alibangisa eSodoma, kodwa u-Abhrahama wasala emi phambi kukaSimakade.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


ULothi wathi kuwo: “Yobe, makhosi ami,


ULothi wasuka eZowari wakhuphukela entabeni, wahlala khona namadodakazi akhe amabili, ngokuba babesaba ukuhlala eZowari, ngakho-ke wahlala emgedeni namadodakazi akhe amabili.


Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”


Ngakho-ke woza ngikweluleke ukuze usindise impilo yakho neyendodana yakho, uSolomoni.


Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite