Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:15 - IsiZulu 2020

15 Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi sekusile, izingelosi zamphuthumisa uLoti, zathi: “Vuka, uthathe umkakho namadodakazi akho omabili akhona; funa nibhubhe ngobubi bomuzi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:15
11 Referans Kwoze  

Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.


Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.


Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa.


Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite