Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:14 - IsiZulu 2020

14 ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:14
26 Referans Kwoze  

“Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.”


“Khuphuka, uqhele phakathi kwale nhlangano ukuze ngiyibhubhise ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”


Izigijimi zangena kuyo yonke imizi kwa-Efrayimi, kwaManase, nakwaZebuloni, kodwa babezihleka usulu, beziklolodela.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Bathi ngami: ‘Akakhulumi ngezaga nje na?’ ”


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise.


Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele.


Wabiza uMose no-Aroni khona ebusuku, wathi kubo: “Vukani, niphume niphele kubantu bami, nina nabantu bakwa-Israyeli! Hambani niyokhonza uSimakade, njengalokho nishilo.


Lezo ezingaligqizanga qakala izwi likaSimakade zazishiya izigqila nemfuyo yazo endle.


Kepha phangisa ubalekele kuwo, ngoba akukho engingakwenza ungakafiki kuwo.” Yingakho lowo muzi ubizwa ngokuthi yiZowari.


Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”


Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”


Kwathi ukuba uJeremiya aqede ukukhuluma kubantu bonke, wonke amazwi kaSimakade uNkulunkulu wabo, uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthume wona kubo;


u-Azariya indodana kaHoshayiya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abazigqajayo, bathi kuJeremiya: “Uqamba amanga. USimakade uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba, uthi: ‘Ningahambi niyogogobala eGibhithe,’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite