Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:26 - IsiZulu 2020

26 USimakade wathi: “Uma ngithola abangama-50 abalungileyo emzini waseSodoma, ngiyakuyiyeka indawo ngingayibhubhisi ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Yathi iNkosi: “Uma eSodoma ngifumana abalungileyo abangamashumi ayisihlanu emzini, ngiyakuhawukela yonke indawo ngenxa yabo.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:26
8 Referans Kwoze  

“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Njengalokhu iwayini elisha litholwa ehlukuzweni lamagilebhisi, bese kuthiwa: ‘Ningaloni ngokuba kunesibusiso esikulo,’ ngiyokwenza kanjalo, ngenxa yenceku yami: angiyukubabulala bonke.


Ngalolo lusuku owakwa-Israyeli uyoba ngowesithathu, ehlangene nabaseGibhithe nabase-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba.


Ngisho noma abantu bakho, Israyeli, bebengangesihlabathi solwandle, kuyobuya imithonseyana phakathi kwabo, ngoba ukubhujiswa kubahlalele; nokulunga kuyachichima.


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


USimakade wathi: “Ngimfihlele yini u-Abhrahama engikuhlosile na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite