Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:24 - IsiZulu 2020

24 Kungenzeka kube khona abalungileyo abangama-50 kulo muzi. Ngabe uzowuqothula wonke umuzi ungawuyeki ngenxa yabalungileyo abangama-50 abakuwo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi amahlanu emzini; uyakuyichitha indawo, ungahawukeli abalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:24
8 Referans Kwoze  

“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Wayesethi: “Ngicela Nkosi ungangicasukeli, ngiphawule okokugcina. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale lapho abalishumi.” Yaphendula yathi: “Ngenxa yabalishumi angiyukuwubhubhisa.”


yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’


U-Abhrahama wasondela kuye wathi: “Ngabe uzoqotha imbokodo nesisekelo yini kwabalungileyo nababi na?


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite